I-ZAC ilungisa idamu ngemuva kwesigameko sokuchitheka kodaka

06 January 2022, Johannesburg

 

Press Release

I-ZAC ilungisa idamu ngemuva kwesigameko sokuchitheka kodaka

Imayini izibophezele ekusebenzisaneni nezinhlaka ezithintekayo ukuze kuxazululwe izinkinga ngemuva kwezimvula ezinamandla.

IMVELAPHI NOMONGO

I-ZAC (Zululand Anthracite Colliery) isineminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalombili ikhiqiza futhi iwasha i-anthracite endaweni yasoKhukho KwaZulu-Natal. I-ZAC isendaweni engamakhilomitha angamashumi amabili nanhlanu ukusuka KwaNongoma, kanye namakhilomitha angamashumi amane ukusuka oLundi, enkabeni yezindawo zasemakhaya kwaZulu. Izindawo ezithakaselwayo ezisemngceleni wezimayini: umfula uMfolozi, kanye nengxenye yeMfolozi esiqiwini  iHluhluwe Mfolozi.

I-ZAC iqashe abantu abayinkulungwane nekhulu endaweni, ngokuphelele kanye nangaphansi kosonkotileka  ekubambeni iqhaza emkhiqizweni. Njengesizinda esibalulekile emphakathini wendawo, i-ZAC iyakubona ukubaluleka kokuphatha izimfuno ezehlukene ezibekwe phezu kwayo, kuyilapho isebenza ngokuzinzile futhi ukuze kuzuze umphakathi wendawo. Umlando nokuqina okuqhubekayo kwemayini kufakazela ukusebenza okujwayelekile okusebenzisana nalezi zimfuno.

UKUCHITHEKA KODAKA NEMBANGELA YAKHO

UNsumpa wezeMvelo wakwa-ZAC uMsawenkosi Buthelezi uyachaza ukuthi: Ngomhla zingama-24 kuZibandlela wezi-2021, cishe ngo-14:00, kwabhuntsha udonga lwechibi lesi-3 elinodaka, okwaholela ekuchithekeni kokungcola okungu-1 500m3 wodaka lwamalahle. Ukuchitheka kwalo kudalwe ukuhluleka kodonga lokuphela kwechibi elinodaka. Lolu donga lokuphela lwechibi olunodaka lwalusanda kufakwa, kulandela ukulayishwa kodaka olomile kuLwezi 2021. Enye into ebhebhethekise kakhulu ukonakala kodonga kwaba imvula enkulu eyanetha ezinsukwini ezine ngaphambi kokuhluleka eyayilinganiselwa ku - 66mm.

IZINYATHELO ZOKULUNGISA ISIMO NOKUHLANZA KANYE NOKUNXESHEZELWA

Ngemuva kokuthola umbiko ngokwehluleka, abaphathi bemayini baqala ngokushesha ngokuxhuma ichibi futhi baqala umsebenzi wokuhlanza, kokubili ngesandla nangomshini. Le misebenzi yokuhlanza izoqhubeka njengokuqondiswa ngumthetho ofanele.

Ukuhlola umonakalo ongase udalwe emiphakathini ezungezile, i-ZAC ixoxisana nezithangami nezinhlaka zomphakathi ezifanele ukuze kuhlonzwe noma yimuphi umonakalo onjalo futhi kuxoxwe ngezinqumo zawo. I-ZAC inomlando omude wokusebenzisana nemiphakathi esingethe lolu hlelo – okuyinqubomgomo esiziqhenyayo ngokuyisebenzisa. Kule minyaka emihlanu edlule, i-ZAC ihlinzeke ngamanzi ahlanzekile, aphuzwayo, namaphayipi emfuyweni nasekuphuzweni ngabantu endaweni. I-ZAC isaqhubeka nokwenza lokhu, ngompompi bomphakathi abangu-23, ngenani elingu-2 511 000 wamalitha ngenyanga.

Mhla zizi-5 kanye nezi-6 kuMasingana 2022, abaphathi be-ZAC baba nemihlangano nezinhlaka ze-ZAC Community Forum lapho imayini ixhumana njalo nemiphakathi ezosingatha. Imihlangano yathola ukwaziswa okwengeziwe. Abaholi bomphakathi bagculisekile ngendlela i-ZAC esisingathe ngayo lesi sigameko, besebenzisana nemiphakathi ebambe iqhaza kanye neziphathimandla ezifanele ukuze kuqinisekiswe ukwesekwa okuqhubekayo kokuziphilisa kanye nemisebenzi yezomnotho..

IZINYATHELO ZOKUNCIPHISA NOKUVIMBELA UKUPHINDA

Ngokushesha ngemva kokuchitheka, konke ukumpompa emachibini anodaka kwamiswa. Udonga lokugcina lwechibi elinodaka lwakhiwe kabusha futhi lulinde isitifiketi sikanjiniyela ochwepheshile ngaphambi kokuba ichibi libuyiselwe emsebenzini. Ubuqotho bezinye izindonga zokuqukatha zamachibi anodaka nazo zizobhekwa unjiniyela ochwepheshile futhi, lapho kunesidingo, kuzokwenziwa ngcono.

Esikhathini esimaphakathi, umshini wokuhlunga udaka uzofakwa endaweni yokuwasha amalahle, ukuze kukhishwe udaka emanzini, ngakho-ke kuncishiswe amathuba okuchitheka kodaka esikhathini esizayo. Lesi senzo sihlelelwe ukuthi siqedwe ekupheleni kuka-Ndasa 2022. Esinye isikhungo esinjalo safakwa ngo-2020, futhi ngenxa yokusebenza ngempumelelo kwaso, kuzofakwa lesi esinye.

ISAZISO NOKUHLANGANYELA KWEZIPHATHIMANDLA

Iziphathimandla zikahulumeni ezifanele zazisiwe ngesigameko sokuchitheka, ngokushesha ngemva kokuchitheka.

"Ukuhlolwa kwesikhulu soMnyango Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle kwenziwa ngomhla zingama-26 kuZibandlela 2021. I-ZAC isebenzisana neminyango kahulumeni efanele ukuqinisekisa ukuthi zonke izidingo zomthetho ziyahlangatshezwa," Kuphetha uButhelezi.

www.zac.co.za

Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, xhumana:

Umnyango Wezokuxhumana Kwebhizinisi wakwa-Menar

Siphiwe Tame

Ucingo: +27 11 783 7996

I-imeyili: pr@menar.com

 
 
BusinessMenar