Isiteleka esingekho emthethweni sisaqhubeka eZululand Anthracite Colliery

5 kuNhlaba 2022, eGoli

 

Press Release

Isiteleka esingekho emthethweni sisaqhubeka eZululand Anthracite Colliery

Sikhishwe yiMenenja Jikelele u-Wayne Rowe

 

Abasebenzi basemayini eZululand Anthracite Colliery (e-ZAC) sebephumele ngaphandle komgodi beqeda isiteleka sabo esingekho emthethweni sezinsuku eziyisishiyagalolunye lapho bebeduve khona emigodini yasemayini. Ngemva kwezingxoxo eziningi nethimba labaphathi beZAC, bonke abasebenzi bagcine bephumile emgodini. Lokhu kwenzeke ngemva kokuthi iNkantolo yabaSebenzi yaseThekwini ikhiphe incwadi emisa ukuduva nesiteleka esingekho emthethweni enkompolo yeZAC eseMakhalathini, KwaZulu-Natali. Nokho, kusukela mhla ka-29 kuMbasa wango-2022, abanye abasebenzi abazange babuyele emsebenzini njengoba beqhubeka nesiteleka esingekho emthethweni okukhinyabeza umsebenzi wemayini.  

 

Umlando omncane:

  • Ngo-2022 ngenkathi kuqala ubhubhane iCOVID-19, i-ZAC yathwala kanzima njengoba amakhasimende ayo amaningi kwawa amabhizinisi awo ngenxa yobhubhane nemigomo eminingi yomvalelandlini yezwe neyomhlaba jikelele. Lokhu kwenza ukuthi imayini ingene ngaphansi kohlelo lokubhekwa nokulungiswa, okwaholela ekudilizeni abasebenzi abaningi, nokwenziwa yi-CCMA (iKhomishini elamula phakathi kwabaqashi nabasebenzi). Babambalwa abasebenzi abangadilizwanga ababayingxenye yethimba lokubheka nokulungisa imayini. 

  • Ekuqaleni kwango-2021 ngenkathi amanani ezimpahla nesimo sebhizinisi kusimama, abasebenzi bakudala abaningi base-ZAC baphinde baqashwa, okwaqala ngokuthi banikwe izinkontileka zesikhathi esithile. Ekuqaleni kwango-2022, abasebenzi ababeqashelwe ukuba yitoho, banikwa izinkontileka zokubaqasha ngokugcwele, banyuselwa umholo ngo-8.5% banikwa neminye imihlomulo.

  • Ngomhla ka-20 kuNhlaba wango-2022, bengazange bazise abaphathi beZAC, abasebenzi abangu-88 baqala isiteleka esingagunyaziwe baqoma ukuduva emgodini.

  • Ngenxa yobucayi besimo sangaphansi komhlaba, abaphathi, abamele abasebenzi nabamele izinyunyana namalungu ezinhlangano zomphakathi bazama ukufinyelela kubasebenzi ngomsakazo ukuze baxoxisane nabasebenzi kodwa abasebenzi abazange baphendule ngaleso sikhathi. Kwalandela ukuthi abasebenzi abatelekile bathunyelelwe incwadi ebanqumela ugwayi katiki ehambisana nomyalelo wokuthi abasebenzi baphume baphele emagcekeni emayini.

  • Abaholi bomphakathi bavakashela emigodini mhlaka-20 kuNhlaba, lapho abasebenzi babeduve khona kepha abakwazanga ukubashintsha umqondo ukuthi bayeke isiteleka sabo. Abasebenzi abasesitelekeni esingekho emthethweni banxuswa ukuthi baphume emgodini kodwa banqaba. Esikhundleni salokho bathuka abaholi bomphakathi, bagcizelela ukuthi ngeke baphume emgodini ngaphandle uma kuhlangatshezwana nezidingo zabo.

  • Inkampani yaziswa ukuthi isimo sasemgodini siyaqhubeka siba bucayi futhi kunengozi yokuthi ingqalasizinda yemayini icekeleke phansi. Ngaphezu kwalokho, kwaba nemibiko ethi abasebenzi abathanda ukuphuma ngaphansi basebehlaliswe ngenkani ngabalingani babo abatelekile. Lokhu kuziphatha kuyingozi futhi kungukwephula imigomo eminingi yezempilo nezokuphepha yemayini.

  • Ngokuqhubeka kwesikhathi, abaphathi bemayini baziswa ukuthi abasebenzi bafuna ukwenyuselwa imali nemihlomulo. Imayini isungule isithangami lapho kuzodingidwa khona izindaba zomsebenzi phakathi kwabaphathi benkampani nabasebenzi. Nokho, lokhu abasebenzi bakushaya indiva.

  • Kwabanengozi yodlame nokucekela phansi impahla okubeka engcupheni impilo nokuphepha kwabasebenzi abatelekile nengqalasizinda yemayini. Ngenxa yale ngozi, imayini ayikwazanga ukuthumela ithimba elibhekele ingqalasizinda emgodini.

  • Imayini kudingeka ukuthi ibheke amazinga egesi kabili ngosuku kodwa ayikwazanga ukwenza lokho ngenkathi abasebenzi besemgodini, njengoba ngemva kokuhlola isimo, kwabonakala ukuthi akuphephile ukuthumela amathimba emgodini ngenxa yokuthi babengahlaselwa ngabasebenzi abatelekile. Amathantala amanzi ayingozi kubasebenzi uma amaphampu amanzi engavami ukulungiswa. Okunye, ukucekeleka phansi kwengqalasizinda kungaholela ezigamekweni zokudilika kwenhlabathi, okungadala ukulimala kwabantu noma okukhulu ngaphezu kwalokho; okungukufa.

  • Mhla ka-25 kuMbasa, imayini yathola umyalelo weNkantolo oyalela abasebenzi abatelekile ukuthi bayeke isiteleka sabo esingekho emthethweni, baphume emigodini abaduve kuyona ukuze kuqhubeke umsebenzi we-ZAC. Abasebenzi abatelekile bawushaya indiva umyalelo weNkantolo.

  • Mhla ka-26 kuMbasa, imayini iphoqelekile ukuthi iphindele eNkantolo ukulungisa lesi simo. INkantolo ikhiphe uMyalelo: ophoqe abasebenzi ukuthi baphume emigodini ingakapheli imizuzu engamashumi amathathu bethole uMyalelo bese bephuma emabaleni emayini. Inkantolo igunyaze  inkampani yonogada ezimele i-Van Dam Security ukuthi ikhiphe abasebenzi abatelekile ngaphandle kokupholisa amaseko. INkantolo ithole ukuthi abasebenzi abatelekile badelele umyalelo wenkantolo wangomhla ka-25 kuMbasa wango-2022. Umyalelo weNkantolo ube usulandelwa ngazo zonke izindlela.

  • Kusukela mhla ka-29 kuMbasa, iningi labasebenzi alikaze liphindele emsebenzini. Mhla ka-3 kuNhlaba ngesikhathi sokusebenza emini, kwaba nemizamo embalwa engekho emthethweni yokuphazamisa ukusebenza okwenziwe ngabasebenzi abangazange baphindele emsebenzini, bavala imigwaqo, bashisa amathayi, basabisa abasebenzi abanqabile ukuteleka. Ngobusuku bomhla ka- 3 kuNhlaba isimo sibhebhethekile kwajikijelwa abantu ababesemayini ngamabhomu kaphethiloli, kwaba neziqubu zokudubula ezizwakale ubusuku bonke.

  • Kukhona amaPhoyisa emabaleni ukuqapha lesi simo.

Okwenziwe ngabaphathi be-ZAC

  • Imayini yaphoqeka ukuthi imise ukusebenza mhla ka-20 kuMbasa ukugwema ukuthi izinto zingabhebhethekeli kwezinye izindawo zomsebenzi nokubeka engcupheni isimo sabasebenzi nesengqalasizinda.

  • Abasebenzi abatelekile, izinyunyana nezigcawu zomphakathi bonke bazisiwe ukuthi imiyalelo emibili yenkantolo ithi isiteleka sabo asikho emthethweni ngokomThetho wabaSebenzi nokuthi kufanele baphume baphele emigodini. Bonke bazisiwe ngobungozi obukhona obenze inkantolo yakhipha leyo miyalelo.

  • Ngemva komyalelo wenkantolo wangomhla ka-26 kuMbasa, inkampani yakwazi ukufaka abanye abaqaphi ukuze abaphathi bezokwazi ukungena emigodini ukuze bakwazi ukuxoxisana nabasebenzi ubuso nobuso nokuthi baphume emigodini ngomhla ka-27 wangoMbasa.

  • Kusukela mhla ka-28 kuMbasa ngo-2022, iningi labasebenzi linqabile ukuphindela emsebenzi ngisho selithole iminqamulajuqu eminingi.

  • Ekuseni kwangomhla ka-29 kuMbasa iMenenja Jikelele neNduna eNkulu yeMayini bahlangana nabasebenzi abatelekile. Isicelo sabo kwakungukuthi bakwazi ukuxoxisana nabaphathi benyunyana besifundazwe ukuqeda isiteleka.

  • Abaphathi be-ZAC bayibikile indaba yabo kuzo zonke izinhlaka ngokuma komsebenzi okuqhubekayo. I-ZAC isiqalile ukuqondisa ubugwegwe kubo bonke abasebenzi abateleke ngokungekho emthethweni.

Okufunwa ngabasebenzi abatelekile

Izisebenzi ezitelekile ze-ZAC zithe zizoqhubeka nesiteleka sazo esingekho emthethweni kuze kuhlangatshezwane nezikufunayo. Ezinye izinto ezizifunayo zilingana nokunyuselwa umholo ngo-50% kanti kokunye ngaphezu kwalokho.

Impendulo ye-ZAC

Isiteleka esiqhubekayo singahle singagcini nje ngokukhinyabeza imisebenzi yalabo abatelekile kodwa singakhinyabeza bonke abasebenzi abangu-1 100 nabasebenzi ababambe itoho abahola ngokusebenza, abangakwazi ukusebenza ngenxa yezinto ezenzeka emayini. Lilonke, sifisa ukuthi akekho noyedwa umsebenzi olinyaziwe ngenkathi kuduvwe emgodini nangenkathi yokukhishwa abasebenzi emgodini.

Abaphathi be-ZAC bavule izandla ukuxoxisana nazo zonke izinhlaka ngendlela eyakhayo ezigcawini ezivele zikhona. Abaphathi be-ZAC bakhuthaza abasebenzi ukuthi babuyele emsebenzi ngokushesha.

http://www.zac.co.za/

Ngeminye imininingwane, thinta:

UmNyango wezokuXhumana wase-Menar

USiphiwe Tame

Ucingo: +27 11 783 7996

I-email: pr@menar.com